IZOVULA kuGroup D namazwe ayingozi kwi-Africa Cup of Nations iqembu lakuleli lesizwe labafana lika-Under-17.
Amajimbos aqhathwe neqembu elanqoba lo mqhudelwano ngo-2023, iSenegal, ompetha bango-1995 nango-1999, iGhana, ne-Algeria emcimbini obuseCairo, e-Egypt, ngoLwesithathu.
Lo mqhudelwano uzobanjelwa eMorocco kusukela ngoMeyi 13 kuya kuJuni 2.
Amajimbos azibekisela indawo ngesikhathi enqoba umqhudelwano wokuhlunga weCosafa owawubanjelwe eZimbabwe, ngoSepthemba, nyakenye, equmba phansi i-Angola ngo 2-1 kowamanqamu.
Kwi-Afcon ka-Under-17 yakamuva, nayo eyayibanjelwe eMorocco, ngonyaka odlule, leli qembu lakuleli eliphekwa nguVela Khumalo, lakhishwa ngosokhaya ngo 3-1 kuma-quarterfinal.
Lo mqhudelwano wagcina unqotshwe iyona iMorocco, idlula kwiMali ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owaphela zibambene ngo 0-0.
Amajimbos awakaze ayiphakamise indebe ye-Afcon. Ngo-2015, afinyelela kowamanqamu, aguqiswa yiMali ngo 2-0.
Amazwe awu-10 azohamba phambili kulo mqhudelwano azozibekisela izindawo eNdebeni yoMhlaba ka-Under-17 ezobanjelwa eQatar, ngoNovemba nonyaka.
Amajimbos asedlale kabili eNdebeni yoMhlaba. Kweyango-2015, eyayiseChile, aphuma…