ISIKHULU se-Orlando Pirates, uMcebo Dlamini, sigcizelele ukwakhiwa kwezinkundla ezindaweni zabantu eNingizimu Afrika ukuze kuzoba nokuxhumana phakathi kwazo, amaqembu nomphakathi.
UDlamini ubekhuluma emcimbini wokumemezela ukushintsha kwegama lenkundla i-Orlando Stadium esizobizwa nge-Orlando Amstel Arena, ese-Orlando eSoweto, izolo.
Inkampani yotshwala, i-Amstel ingabaxhasi be-Orlando Pirates edlalela imidlalo yasekhaya kuyona le nkundla.
Ukumenyezelwa kwegama elisha kuqondane nosuku lokuzalwa kukasihlalo wePirates, u-Irvin Khoza obehlangazanisa iminyaka engu-78 izolo.
Isivumelwano esiphakathi kwabe-Orlando Stadium ne-Amstel ngeseminyaka eyisihlanu. Inkundla iphethwe nguMasipala waseGoli, ibhekwe yinkampani, iStadium Management.
Inkundla i-Orlando Stadium iyinkundla yesihlanu eqanjwe igama elisha ngokwabaxhasi eMzansi. Ezinye yiHollywoodbets Kings Park eseThekwini, DHL Stadium eseCape Town, iToyota Stadium eseBloemfontein neFNB Stadium eseGoli.
"Ithalente likhona, okushodayo yizindawo zokudlala. Sigxile elokishini futhi isho lukhulu kubantu. Iphethe umlando, ubumqoka nomthwalo. Uma uxhumene ne-Orlando Pirates, akuyona into nje kodwa uba yilungu lomndeni," kusho uDlamini, osebenzise…