BENGUMSHAYELI wezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile oyedwa okusolwa ukuthi ukwabane ababulewe eMatata, eMaphephetheni, eNanda, ngoMgqibelo, besolwa ngokweba imfuyo. Kulesi sigameko kuthiwa oyedwa ushiselwe emotweni eyiveni, iNissan NP200, kwathi abathathu bashiselwa emotweni ethwala abantu abayisikhombisa, iToyota Rumion.
Ngesikhathi kusabalala indaba yesigameko, kuvele ukuthi abafi babanjwa nenyama okwakusolwa ukuthi ngeyezinkomo abazibulale, bazihlinza, bazihlahlela base behamba nenyama.
Nokho ngoMsombuluko Isolezwe lixoxe nesihlobo sikaMnuz Wandile Zaca okuthiwa wayeshayela iRumion etholakele ishisiwe. Isihlobo esicele ukungadalulwa sithe asifuni ukuvela njengoba abazali bomshayeli we-uber besathukutheliswe yisithombe esidwebeke ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uZaca ubeyisela lezinkomo.
“UWandile ubezishayelela imoto eyi-uber, ubengelona isela lezinkomo,” kusho isihlobo.
Sithe bese kunesikhathi uZaca eshayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.
Sithe ngosuku olwandulela isigameko, bathola ukuthi wayethole isicelo sabantu abafuna ukuhanjiswa eNanda.
“Okuvelayo wukuthi wasamukela isicelo, wabahambisa abantu eNanda nokuvela ukuthi kwaba yilona hambo lwakhe lokugcina lolo,”…